UMZABALAZO OBHEKENE NOKUTHOLA USIZO LWEZEMPILO KOMAMA IZIHIBE EKUNAKELELWENI

MHESZulu final:Layout copy 1
29/09/2014
11:59
Page 1
NGOKUFINGQIWE
UMZABALAZO OBHEKENE
NOKUTHOLA USIZO
LWEZEMPILO KOMAMA
IZIHIBE EKUNAKELELWENI
KWABAKHULELWE ENINGIZIMU AFRIKA
MHESZulu final:Layout copy 1
29/09/2014
11:59
Page 2
2 UMZABALAZO OBHEKENE NOKUTHOLA USIZO LWEZEMPILO KOMAMA
IZIHIBE EKUNAKELELWENI KWABAKHULELWE ENINGIZIMU AFRIKA
Sikhule ngokweqile isibalo sabantu
besifazane namantombazane abafa
ngaphandle kwesidingo eNingizimu
Afrika ngesikhathi bekhulelwe noma
ngokushesha emva kokubeletha.
Esinye sezizathu wukuthi abasheshi
ukuthola usizo lwezempilo oludingwa
abantu abakhulelwe.
Ngonyaka ka-2000, uhulumeni
waseNingizimu Afrika wathembisa
ukunciphisa isibalo somama abashonayo
ngesilinganiso sokuthathu kokune, sisuke
ku-250 siye ku-38 ezinganeni eziwu100,000 ezizalwa ziphila. Eminyakeni
eyalandela lesi sibalo sakhula kakhulu,
kepha yize noma muva nje sisanda kwehla,
sisemi ku-269. Ochwepheshe bakholwa
wukuthi amaphesenti angamashumi
ayisithupha kulesi sibalo angagwemeka.
Kungani senyuka lesi sibalo? Esinye
sezizathu wukuthi cishe oyedwa
kwabathathu abakhulelwe uphila
nesandulela ngculazi (i-HIV). Bangaphezu
kuka-40% abesifazane abakhulelwe
abashonayo ukushona kwabo okuhlobene
nokuphila nesandulela ngculazi (i-HIV).
Esinye sezizathu ukwephuza kwabo
ukuthola usizo lwemitholampilo oludingwa
abantu abakhulelwe.
Okuncomekayo ngeNingizimu Afrika
wukuthi usizo lokwelashwa oludingwa
abantu besifazane abakhulelwe
lumahhala ezikhungweni zempilo
zikahulumeni. Kepha, abesifazane
namantombazane amaningi bayephuza
ukuya emitholampilo kuze kube seduze
kakhulu nesikhathi sabo sokuba
babelethe. Lokhu kungaba nemiphumela
emibi kakhulu kulabo abaphila ne-HIV.
Amnesty International Okthoba 2014
ENingizimu Afrika cishe bayikota
abesifazane abakhulelwe ukushona
kwabo obekungagwemeka kepha
okuhlobene nokwephuza ukuthola usizo
lwezempilo noma ukungalutholi kaningi
ngokufanelekile.
Ukuze siqonde izihibe ezikhona
ekushesheni bathole usizo lwezempilo
olungenamkhawulo kwabakhulelwe, uAmnesty International ukhulume nabantu
besifazane namantombazane, kanye
nonompilo , esifundazweni saKwaZuluNatal nesaseMpumalanga ngesikhathi
kwenziwa lolu cwaningo phakathi
kukaMashi 2013 noSepthemba 2014.
Imiphumela yalolu cwaningo ikhombe
ngokugqamile izizathu ezintathu
zabesifazane namantombazane abathi
ziyizihibe ezidala ukuba bephuze noma
bakugweme ukuya emitholampilo
ukuyothola usizo:
ukungahlonishwa kwamalungelo eziguli
okungadalulwa kwesimo sez sempilo
emitholampilo, ikakhulu maqondana
nemiphumela yokuhlolelwa i-HIV;
ukungabi nalwazi ngezempilo nezocansi
kanye namalungelo abesifazane abanawo
ngalezi zinto, kubandakanya
nokungaphathwa kahle kweziguli
ngabasebenzi bezempilo;
Index: AFR 53/007/2014
izinkinga ezingapheli ezihlobene
nokwentuleka kwezinto zokugibela kuyiwa
emitholampilo nezindleko zazo.
KUNGANI KUBALULEKE KAKHULU
UKUBA ABAKHULELWE
BASHESHE BALUTHOLE USIZO
LOMTHOLAMPILO
Ukusheshe uye emtholampilo kwenza
ukuba izinkinga ezingaba khona empilweni
zisheshe zibonakale futhi zelashwe kanti
imitholampilo ibheka nezinkinga
ezingabuye zibe khona ngokuqhubeka
kwesikhathi kokhulelwe noma kumntwana
amthwele.
Imitholampilo ixhumanisa abesifazane
namantombazane abakhulelwe nohlelo
lwezempilo, nokwandisa amathuba okuba
babelethele esibhedlela noma ngokusizwa
umhlengikazi oqeqeshiwe.
Umthethosisekelo waseNingizimu Afrika
uyawavikela amalungelo abantu empilo,
okulingana nawokungabandlululwa, kanye
namalungelo amaningi ezocansi. Ngaphezu
kwalokhu, iNingizimu Afrika iphinde
yasayina imibhalo yamalungelo abantu
eyibophezelayo ukuba ihloniphe, ivikele
amalungelo abantu besifazane nezingane
zamantombazane empilo, ukulingana
nokungabandlululwa nawezocansi
nokuqikelela ukuthi bayawathola ngempela
la malungelo.
MHESZulu final:Layout copy 1
29/09/2014
Usizo olunikwa abesifazane abakhulelwe
imitholampilo kufanele iphinde ifake
nezaluleko ezibalulekile ngempilo okufanele
bayiphile kanye nokwesekwa emphakathini.
Kwabesifazane abakhulelwe abaphila neHIV, ukusheshe baye emitholampilo
kwandisa amathuba okuba umama aphile
bese kwehlisa awokuba athelele umntwana
amthwele ngegciwane.
Uhulumeni uphakamisa ukuba abesifazane
abakhululelwe baye emtholampilo
amahlandla angekho ngaphansi kwamane,
kusukela ngesikhathi benamasonto
ayishumi nambili (12) bekhulelwe.
Ngebhadi, bangaphezu kukahhafu abantu
besifazane namantombazane abakhulelwe
abalinda kuze kube yisigamu sesibili
sokukhulelwa kwabo, futhi abaningi abayi
amahlandla amane.
USIZO LOMTHOLAMPILO
OLUDINGWA ABAKHULELWE
NOKUHLOLELA I-HIV
Kusukela ngo-2010 abesifazane
abakhulelwe abahloliwe batholakala beneHIV uhulumeni usebanikeza khona ngaleso
sikhathi imishanguzo yokuthiba leli gciwane
ukuze kuvikeleke impilo yabo ngenkathi
besakhulelwe. Le nqubo iyancomeka
impela njengoba isehlisa isibalo sokushona
kwabakhulelwe.
11:59
Page 3
Kodwa ucwaningo lwe-Amnesty
International luveza ukuthi ukulandelwa
kwezinhlelo zokuhlolela nokwelaphela i-HIV
kunezinkinga, ezinye zazo ezibangela
ukuba abesifazane namantombazane
abakhulelwe bangasheshi bayofuna lolu
sizo emitholampilo.
“Basacwaswa kakhulu abantu
abane-HIV futhi nabesifazane
bavame ukungasheshi
ukuzohlolela i-HIV.”
Uhulumeni waseNingizimu Afrika
UKUNGAGCINWA KWESIFUBA
NGEMIPHUMELA YOKUHLOLWA
Enye yezinkinga eziphambili ukuthi
abesifazane namantombazane bayesaba
ukuba negciwane lesandulela ngculaza (iHIV) kwabo kuzokwaziwa ngenxa yokungabi
namfihlo kwasemitholampilo. Kufanele
besabe ngenxa yezinga eliphezulu
lokwenyanywa nokubandluluwa kwabantu
abane-HIV eNingizimu Afrika, ikakhulukazi
ezindaweni zasemakhaya.
Izingane zesikole ezingamantombazane
zidlala KwaZulu-Natal, lapho abangaphezu
kuka-40% abesifazane namantombazane
abakhulelwe bephila ne-HIV. Ngenxa
yomkhankaso kahulumeni oyimpumelelo
wokuvimbela ukutheleleka kwezingane
ezizalwa womama abanaleli gciwane, kule
minyaka eyishumi eyedlule isibalo
sezingane ezizalwa naleli gciwane sesehle
kakhulu sisuke ku-20% saya ku-2.7%. UAmnesty International ukhuthaza
uhulumeni ukuba aqhubeke
nokuzibophezela emgomeni azibekele wona
wokuba kugcine kungekho neyodwa ingane
ezalwa inaleli gciwane. Ukushesha
kokutholakala kosizo lwemitholampilo
kwabakhulelwe kuyigxathu elibalulekile
eliya ekufezekeni kwalo mgomo.
Cover: UMbali Ndlovu nodadewabo
uZanele (ophethe umntwana wakhe)
besekhaya esifundeni sas’oThungulu,
KwaZulu-Natal, eNingizimu Afrika,
Januwari 2014
Zonke izithombe © Amnesty International
Ukukhulelwa kwenza eziningi zalezi
zinkinga abesifazane namantombazane
ababhekene nazo nsuku zonke eNingizimu
Afrika zidlondlobale zedlulele, ikakhulukazi
lezo eziphathelene nobubha nokucwaswa
Index: AFR 53/007/2014
Amnesty International Okthoba 2014
MHESZulu final:Layout copy 1
29/09/2014
11:59
Page 4
4 UMZABALAZO OBHEKENE NOKUTHOLA USIZO LWEZEMPILO KOMAMA
IZIHIBE EKUNAKELELWENI KWABAKHULELWE ENINGIZIMU AFRIKA
Abantu belindile, ekuphumeni kwelanga,
ngaphandle komtholampilo eMpumalanga
ukuze baqiniseke ukuthi bazobonwa
umhlengikazi. Imitholampilo egcwele
ngokweqile, ukungabi khona kwabasebenzi
abenele emitholampilo kanye
nokungaqeqeshwa ngokwenele kwabasebenzi
kudala ukuba angahlonishwa amalungelo
eziguli okungadalulwa kwezimo zazo zempilo
nokuyinto eyenza abanye abantu besifazane
abakhululwe bangakukhuthaleli ukuyofuna
usizo emitholampilo.
Wabe esehamba angazange aluthole usizo
futhi engazange ahlolwe. Wachaza wathi:
“Ngangikhathazekile ngokuhlolwa
emtholampilo. Bangithethisa bathi ‘kungani
usaba’ futhi angiphathekanga kahle ngalokho,
yingakho ngicabanga ukuthi kwaba wumqondo
omuhle ukuhlolwa [kwenye indawo].”
Kamuva uBusisiwe wasihlolela esikoleni sakhe
i-HIV kodwa ngaleso sikhathi
wayesenezinyanga eziyisihsiyagalombili
ekhulelwe.
UBusisiwe (kulona igama lakhe langempela
leli) oneminyaka eyi-18 uhlala nomntwana
wakhe, unina nezingane zakubo endaweni
yasemakhaya ekude nedolobha KwaZulu-Natal.
Lo mndeni ngandlela thile uphila ngemali
engatheni yezibonelelo zikahulumeni.
Ngesikhathi uBusisiwe enezinyanga ezine
ekhulelwe, waya emtholampilo ngoba wayefuna
ukuhlolelwa i-HIV ukuze akwazi ukuvikela
umntwana wakhe amthwele uma ethola ukuthi
kunesidingo. Kwadingeka ukuba ahambe
ibanga elithatha cishe 60 kuya ku-90 wemizuzu
esaya nebanga elilinganayo esebuya.
Ngesikhathi esebeletha, uBusisiwe wacela
umakhelwane wakhe ukuthi amhambise
esibhedlela ngemoto yakhe ngoba
wayengenawo uR250 (US$24) wokuqasha
imoto. Umakhelwane wamhambisa
emtholampilo oseduzane, lapho abizelwa
khona i-ambulense, eyathatha amahora
amathathu ngaphambi kokuba ifike. UBusisiwe
wathi:
“[Abasebenzi basemtholampilo] bangikhombisa
omunye wemibhede bathi angiyolindele
kuwona i-ambulense, base bengishiya kanjalo.
Abazange besabuya kwaze kwafika iambulense.”
Wathi emtholampilo, abahlengikazi bamemeza
bemthethisa esidlangalaleni bethi kungani
ekhulelwe emncane kanje, bangamnika usizo.
Yize noma abhekana nalo bunzima
nokungalutholi usizo olwenele, kepha
wabeletha ingane ephile saka.
Amnesty International Okthoba 2014
Index: AFR 53/007/2014
ngokobulili. Abantu besifazane
namantombazana batshele abenza
ucwaningo bakwa-Amnesty International
ukuthi bazizwa besengcupheni kakhulu
yokuba nale nkinga yokwenyanywa
nokubandlulwa okuhlobene ne-HIV
ngenkathi bekhulelwe, nodlame
lwasekhaya nokushiywa kanjalo. Imvamisa
imitholampilo kayinayo ingqalasizinda,
izindlela okuyizonazona nezibalo ezanele
zabasebenzi abaqeqeshwe ngendlela
efanele ukugcina imfihlo yesiguli.
Eminye imitholampilo enikeza usizo
abesifazane abakhulelwe isebenzisa
amagumbi athile, izindawo zokulindela
kumbe izinhlelo zemigqa okuma kuyona
abantu abane-HIV bodwa, ngakho noma
ubani osemtholampilo angasazi isimo sabo.
Eminye isebenzisa amafayela ehlukile
noma izitsha zemithi ezehlukile zabantu
abane-HIV, nalapho sivele sizihlalele obala
nje isimo seziguli.
Ezinye izakhiwo ezisetshenziswayo zincane,
zakhiwe kabi kumbe ziminyene
Umthethosisekelo uthi, “Wonke umuntu
unelungelo lokugcina okuthile ngaye kube
yisifuba sakhe”. Ekwelashweni-ke lokhu
kufaka: ilungelo lokuvuma usuchazelwe
kahle – uhulumeni kufanele athathe
izinyathelo zokuqinisekisa ukuthi abantu
besifazane namantombazane bakuvuma
sebechazelwe okuzokwenziwa kubona;
nelungelo lemfihlo – uhulumeni kufanele
aqinisekise ukuthi ilungelo lesiguli lokufihla
liyavikeleka.
MHESZulu final:Layout copy 1
29/09/2014
11:59
Page 5
UMZABALAZO OBHEKENE NOKUTHOLA USIZO LWEZEMPILO KOMAMA
IZIHIBE EKUNAKELELWENI KWABAKHULELWE ENINGIZIMU AFRIKA
kangangokuthi ayikho indlela yengxoxo
nokwelashwa okuzoba yimfihlo yomuntu.
Abantu besifazane namantombazane
bakhala nangokuthi abasebenzi bezempilo
bayamemeza kumbe baxoxe nabanye
ngesimo sabo se-HIV nokukhulelwa kwabo
ngendlela engemukeleki.
UKUNGANIKWA ITHUBA LOKUBA
UVUME OKWENZIWA KUWENA
USUNOLWAZI
Lo mqondo owandile wokuthi ukuhlolelwa iHIV yingxenye eyimpoqo yokunakekelwa
kwabesifazane abakhulelwe kudala okunye
ukwesaba kwabesifazane namantombazane
okungabangela ukuba bakugweme noma
bangasheshi ngokufanele ukuyothola usizo
emitholampilo.
Abaningi kuyabakhathaza ukuthi bangase
bathole ukuthi sebene-HIV nokuthi
sekufanele batshele omaqondana babo,
okungabadalela ukubalekelwa basale
bodwa kanye nokuhlukumezeka. Abanye
futhi bayazi ukuthi ukwelulekwa nokunye
ukwesekwa emtholampilo akwenele noma
akukho nhlobo, futhi besaba nokuguliswa
yi-HIV.
Abasebenzi bezempilo bavame
ukukhuluma ngokuhlolelwa i-HIV
kwabakhulelwe ngendlela egxilisa le nkolelo
yempoqo. Izinkombandlela zeNingizimu
Afrika nezomhlaba jikelele ziyakucacisa
ukuthi abasebenzi bezempilo kumele
baqinisekise ukuthi abantu besifazane
namantombazane bavuma sebenolwazi
ngaphambi kokuhlolelwa i-HIV. Abasebenzi
bezempilo futhi kufanele beluleke
ngaphambi nangemuva kokuhlolwa
okwenza ukuba abesifazane
namantombazane bathathe izinqumo
sebenolwazi.
Above: Intombazane engumama
esifundazweni saseMpumalanga.
ENingizimu Afrika, 8% wabantu
abakhulelwayo amantombazane
aneminyaka engaphansi kweyi-18, kodwa
yize noma kunjalo lamantombazane awu36% wabesifazane abakhulelwe
abashonayo.
“[I] Uma ngiyolanda amaphilisi
e-HIV, nankuya umugqa wami.
Bonke abantu abakulo mugqa
bayazi ukuthi laba bantu baneHIV. Yikho nje abantu besaba
ukuya emtholampilo.”
Kusho owesifazane eMpumalanga
“Bonke abantu besifazane
abakhulelwe bahlala ndawonye
kodwa babahlukanisa ngokuthi
bane-HIV noma cha bese
bebangenisa emagunjini
ahlukene. Lokhu akulungile.”
Kusho owesifazane KwaZulu-Natal
Above left: Ibhodi elikhulu elibhekene
nomtholampilo eMpumalanga. Ngoba
ukuhlolelwa i-HIV kuyingxenye
yokunakekelwa ngaphambi kokubeletha,
baningi abesifazane abahlolwayo
eNingizimu Afrika kunabesilisa – bawu52.6% kanti abesilisa bawu-37.5%.
Ngenxa yalokhu icala lokuba negciwane
livamise ukwethweswa abesifazane bese
beba sengozini yokubalekelwa bashiywe
kanye neyokulinyazwa ngesikhathi lapho
besabhekene nezinselelo zokukhulelwa
nezokufunda ukuphila ne-HIV.
“Bonke abesifazane
abakhulelwe bayahlolwa.
Abavumelekile ukuthi bathi
abakakulungeli ukuhlolwa.”
Kusho umeluleleki eMpumalanga
“Bonke abesifazane
abakhulelwe bayahlolwa.
Abavumelekile ukuthi bathi
abakakulungeli ukuhlolwa.”
Kusho umeluleleki eMpumalanga
Index: AFR 53/007/2014
“Imiphumela yokuhlolwa
kwami ayaziwa muntu ekhaya,
bangangehlulela.”
Kusho owesifazane ophila ne-HIV KwaZuluNatal
Amnesty International Okthoba 2014
5
MHESZulu final:Layout copy 1
29/09/2014
11:59
Page 6
6 UMZABALAZO OBHEKENE NOKUTHOLA USIZO LWEZEMPILO KOMAMA
IZIHIBE EKUNAKELELWENI KWABAKHULELWE ENINGIZIMU AFRIKA
“Kungasisiza ukwakhelwa
umgwaqo onetiyela… ngoba
ngisho nomtholampilo
ongumahamba nendlwana
awukwazi ukufika lapha uma
linetha.”
Kusho owesifazane KwaZulu-Natal
YINDE INDLELA
Emiphakathini yaseNingizimu Afrika
imvamisa esezindaweni ezisemakhaya futhi
eziyizintaba, ezokuthutha iyona ngqinamba
ezedlula zonke ezinye ebhekene
nabesifazane namantombazane
abakhulelwe.
Imigwaqo kwezinye zezindawo
ezivakashelwe yi-Amnesty Internatio ibheda
ngendlela yokuthi akuhambeki kuyona uma
linile. Ngisho seyomile, ama-ambulensi
awakwazi ukudlula ezindaweni ezithile.
Iningi labesifazane namantombazane
abakhulelwe abanazo izithuthi zomphakathi
abangazisebenzisa, ngakho-ke bagcina
sebehamba ngezinyawo ukuya
emitholampilo – okuyibanga elithatha ihora
noma ngaphezulu. Kuyiqiniso ukuthi iyona
ndlela ejwayelekile lena yokufinyelela
ezikhungweni zezempilo ezweni lonke.
“Nganginezinyanga
eziyisikhombisa ngikhulelwe.
Kwadingeka ukuba silinde
umeluleki [emtholampilo]…
lokho kwadala ukuba ngidlulelwe
yisikhathi. Yayingekho into
yokuhamba ngakho kwadingeka
ukuba ngihambe ngicela
ama-lifti.”
Nokwethemba Sikhakhane, uthisha
wasenkulisa nendodakazi yakhe
enamasonto amabili
Amnesty International Okthoba 2014
Kuba yinkinga ukuthola imali yokugibela
itekisi noma iveni (iveni elakhelwe
ukuthwala abantu, okungaba yinto
engaphephile kubantu besifazane
abazithwele). Ngakho-ke, abesifazane
abakhulelwe namantombazane bagcina
sebehlehlisa noma begwema ukuya
emtholampilo ngoba bengenayo imali
yokugibela.
Ezimweni eziphuthumayo izindleko
zokukhokhela imoto eqashwayo ziyesabeka
– zingase zifinyelele ku-R900 (US$80).
Ukuswela imisebenzi kusho ukuthi imizi
Index: AFR 53/007/2014
“Kunzima ngoba sihamba
emgwaqweni wobhuqu
onamatshe futhi
omigodigodi. Imoto
iyahhadlazela,
igxumagxume nokwenza
kube nzima kakhulu
kwabesifazane
abakhulelwe. Kodwa
ayikho into esingayenza,
kufanele sisamukele lesi
simo.”
Kusho owesifazane KwaZulu-Natal
echaza uhambo egibele iveni eya
emtholampilo eyothola usizo
lwabakhulelwe
eminingi emakhaya iphila ngemali
yesibonelelo sikahulumeni. Imbalwa imizi
ephila ngemali engaphezu kuka-R1,000
(US$95) ngenyanga kuleyo evakashelwe yiAmnesty International.
Ukushoda kwama-ambulensi kwezinye
izindawo kusho ukuthi abesifazane
ngesinye isikhathi basebenzisa ingxenye
yemali abayenza ngenyanga ukukhokhela
ukugibela ukuze bafike esibhedlela uma
sekuyisikhathi sokubeletha. Le mali igcina
ingaseneli kwezinye zezinto ezidingekayo,
njengokudla nezimpahla zomntwana.
Abesifazane namantombazane bangagcina
UMthethosisekelo waseNingizimu Afrika uthi
wonke umuntu unelungelo lokuthola usizo
lwezempilo. Lokhu kusho ukuthi zonke izikhungo
nemisebenzi yezempilo kumele kufinyeleleke
kalula kuzona, zingabangi izindleko futhi zibe
wusizo kuwona wonke umuntu, futhi
ukufinyelela kuyo kuphephe kuwonkewonke,
ikakhulukazi kubantu ababuthaka.
MHESZulu final:Layout copy 1
29/09/2014
11:59
Page 7
Iveni ihamba emgwaqweni omubi wobhuqu
esifundazweni saso’Thungulu KwaZuluNatal. Lesi sifunda saba nesibalo sabantu
besifazane abakhulelwe abashonayo
esikhulu kunazo zonke eNingizimu Afrika
ngonyaka ka-2012/13.
ngokuvikeleka kwi-HIV namakhono
adingekayo ukuze baqinisekise ukuthi
kusetshenziswa ikhondomu.
Amantombazane aphakamise ukuthi kube
nezifundo ezenabile ngezocansi ezethulwa
ezinikezwa bonke abafundi ezikoleni.
Abesifazane namantombazane bathe
kungaba kuhle uma ozakwabo
bengahamba nabo uma beyothola usizo
emitholampilo noma beyohlolela i-HIV.
-
sebezitetela ngaphandle kokuthola usizo
lwezempilo emakhaya noma emgwaqeni
ngoba bengakwazi ukuqasha imoto uma
ingaqhamuki i-ambulensi – okuyinto
eyenzeka mihla namalanga.
‘NGIFISA ENGABE NGANGAZI
KANGCONO’
a
Ukushoda kolwazi mayelana nezempilo
eziphathelene nocansi nokukhulelwa
namalungelo akhona eNingizimu Afrika
kunemiphumela emibi kubantu,
emiphakathini nasesizweni sisonke.
Kunomthelela emazingeni aphezulu abantu
abakhulelwa bengahlelile, ikakhulukazi
Ngaphansi kwelungelo lezempilo, uhulumeni
kumele aqinisekise “ilungelo lofundiswa
ngokuhlelwa komndeni” futhi “ahlinzeke
ngosizo lwezempilo olwenele, olukhonekayo
nolutholakala kalula, okubandakanya ulwazi,
izifundo nezinhlelo zokuxhumana kubantu
besifazane ikakhulukazi ezindaweni
zasemakhaya.”
ezinganeni zamantombazane,
ekusabalaleni kwe-HIV, nokuthola usizo
mayelana nokukhulelwa sekwedlule
isikhathi.
I-Amnesty International ithole ukuthi
abesifazane namantombazane abazi noma
abaqondi ukuthi kubaluleke kangakanani
ukuthola usizo lwezempilo uma ukhulelwe.
Kubikwe nezikhalo eziningi ngezinga losizo
abalunikezwa onompilo abasebenza
ezikhungweni zezempilo. Ngenxa yalokhu,
abesifazane namantombazane amaningi
baya kuthola usizo sekuhambe isikhathi.
Kuzwelonke, cishe isigamu sabantu
abakhulelwa minyaka yonke abangu-1.2
million basuke bengakuhlelanga
ukukhulelwa. Abesifazane abaningi
namantombazane i-Amnesty International
ikhulume nabo bachaze izingqinamba
ababhekana nazo uma befuna ulwazi
ngezinto zokuvikela ukukhulelwa,
ukukhipha izisu nokugwema i-HIV.
Baphinde bangabi nalo ulwazi
Index: AFR 53/007/2014
Cishe bonke abasebenzi bezempilo
okukhulunywe nabo batshele i-Amnesty
International ukuthi bayafisa ukuqeqeshwa
ngokuthi bangafundisa kanjani ngezinto
eziphathelene nocansi nokukhulelwa
namalungelo akhona, ikakhulukazi
emantombazaneni asemancane.
“Iningi labo alazi nokuthi
kusho ukuthini ukukhulelwa,
abazi ukuthi babhekene nani,
ngoba abakaze bakhulume
namuntu emakhaya ngakho
abazi ukuthi ukukhulelwa
kusho ukuthini, yini
elandelayo.”
Umhlengikazi ekhuluma ngezingane
ezikhulelwe
Amnesty International Okthoba 2014
MHESZulu final:Layout copy 1
29/09/2014
11:59
Page 8
8 UMZABALAZO OBHEKENE NOKUTHOLA USIZO LWEZEMPILO KOMAMA
IZIHIBE EKUNAKELELWENI KWABAKHULELWE ENINGIZIMU AFRIKA
La mantombazane aseMpumalanga wonke asewomama. Athi awazange awasebenzise amaphilisi noma imijovo yokuhlela umndeni
ngaphambi kokuba akhulelwe futhi akholelwa wukuthi kufanele amantombazane nabafana banikwe ulwazi oluthe xaxa ngezindlela
zokuvikela ukukhulelwa esikoleni besebancane.
IZINYATHELO EZIDINGA
UKUTHATHWA MANJE
kokubeletha eNingizimu Afrika.
Kwezinye zezincomo ezethulwe embikweni, i-
olwenele ngaphambi kokuvuma ukwenziwa
I-Amnesty International iyazibona izithelo
Amnesty International inxusa uhulumeni
okuthile ezikhungweni zezempilo.
ezinhle zezinyathelo zakamuva ezithathwe
ukuba:
yiNingizimu Afrika zokwenza ngcono
Aqwashise ngamalungelo eziguli,
ikakhulukazi ilungelo lokunikwa ulwazi
Andise ulwazi mayelana nezempilo
amazinga okuhlinzekwa kosizo lwezempilo
Aqinisekise ukuthi wonke amagatsha
eziphathelene nocansi nokukhulelwa
kubona bonke abantu baseNingizimu Afrika
kahulumeni abamba iqhaza embhidlangweni
namalungelo akhona, kubandakanya
nokulwa nobhubhane lwe-HIV.
wokunqanda ukushona kwabesifazane
ukufundisa kabanzi ngezocansi
abakhulelwe, owokunqoba i-HIV/AIDS kanye
okubandakanya amadoda nabafana.
Yize noma kunjalo, kodwa i-Amnesty
nowokuqeda ukucwasana ngokobulili, futhi
International ithole ukuthi izingqinamba
asungule izinhlelo zokukhuthaza ukukhulelwa
ekuqikeleleni ukuthi ziyasebenza futhi
nokubeletha okuphephile, kubandakanya
kwezokuthutha eziphephile, ezisheshayo
zisebenza ngendlela efanele izinhlelo
ukusukumela izinselelo zezenhlalo
nezanele, nezimo ezingezinhle zemigwaqo,
eziqalwe uhulumeni kuhlangene nezinselelo
nezomnotho ezibhekene nabesifazane
phakathi kokunye lokhu angakwenza ngezinto
ezindala ezimayelana nokungalingani
namantombazane abadinga usizo lwezempilo
zokuhamba ezixhaswe uhulumeni noma zibe
kwezomnotho kuholela ekutheni
lapho bekhulelwe.
mahhala, ngezibonelelo kwabesifazane
kubambezeleke ukutholakala kosizo
Asukumele ngokushesha ukushoda
namantombazane akhulelwe ukuze bakwazi
lwezempilo kubantu abakhulelwe. Lokhu
kunomthelela emazingeni aphezulu
ukuba kudalulwe izinto eziyimfihlo yesiguli,
ngokwenza ngcono ingqalasizinda yemigwaqo
ngokungemukelekile abesifazane
ezihlukanisa imigqa nezindawo zokulinda
kanye nangokwenza zibe ningi izinto
namantombazane abashona kungenasidingo
zabantu abaphila ne-HIV.
zokuhamba okungakhethwa kuzona.
Aqede zonke izinqubo zezempilo ezidala
ukubhekana nezindleko zokugibela,
minyaka yonke bekhulelwe noma ngemuva
I-Amnesty International yinhlangano yomhlaba enabantu abayesekayo,
amalungu nezishoshovu ezingaphezu kwezigidi ezintathu emazweni angaphezu
kuka-150 ekhankasela ukuqeda ukungahlonishwa kwamalungelo abantu.
Index: AFR 53/007/2014
Zulu
Umbono wethu ukubona wonke umuntu ejabulela amalungelo anawo
aqhakanjiswe kuSomqulu wamaLungelo aBantu woMhlaba kanjalo nakwamanye
amazinga omhlaba amalungelo abantu. Akekho uhulumeni esingaphansi
kwakhe, ayikho inkolelo yepolitiki esiyilandelayo, akukho nzuzo yezomnotho
esiyisophile kanti futhi akukho nkolo esiyilandelayo njengoba nemali yethu ivela
kumalungu ethu kanye nakulabo abasinika iminikelo.
Amnesty International
International Secretariat
Peter Benenson House
1 Easton Street
London WC1X 0DW
United Kingdom
Okthoba 2014
amnesty.org