MHESZulu final:Layout copy 1 29/09/2014 11:59 Page 1 NGOKUFINGQIWE UMZABALAZO OBHEKENE NOKUTHOLA USIZO LWEZEMPILO KOMAMA IZIHIBE EKUNAKELELWENI KWABAKHULELWE ENINGIZIMU AFRIKA MHESZulu final:Layout copy 1 29/09/2014 11:59 Page 2 2 UMZABALAZO OBHEKENE NOKUTHOLA USIZO LWEZEMPILO KOMAMA IZIHIBE EKUNAKELELWENI KWABAKHULELWE ENINGIZIMU AFRIKA Sikhule ngokweqile isibalo sabantu besifazane namantombazane abafa ngaphandle kwesidingo eNingizimu Afrika ngesikhathi bekhulelwe noma ngokushesha emva kokubeletha. Esinye sezizathu wukuthi abasheshi ukuthola usizo lwezempilo oludingwa abantu abakhulelwe. Ngonyaka ka-2000, uhulumeni waseNingizimu Afrika wathembisa ukunciphisa isibalo somama abashonayo ngesilinganiso sokuthathu kokune, sisuke ku-250 siye ku-38 ezinganeni eziwu100,000 ezizalwa ziphila. Eminyakeni eyalandela lesi sibalo sakhula kakhulu, kepha yize noma muva nje sisanda kwehla, sisemi ku-269. Ochwepheshe bakholwa wukuthi amaphesenti angamashumi ayisithupha kulesi sibalo angagwemeka. Kungani senyuka lesi sibalo? Esinye sezizathu wukuthi cishe oyedwa kwabathathu abakhulelwe uphila nesandulela ngculazi (i-HIV). Bangaphezu kuka-40% abesifazane abakhulelwe abashonayo ukushona kwabo okuhlobene nokuphila nesandulela ngculazi (i-HIV). Esinye sezizathu ukwephuza kwabo ukuthola usizo lwemitholampilo oludingwa abantu abakhulelwe. Okuncomekayo ngeNingizimu Afrika wukuthi usizo lokwelashwa oludingwa abantu besifazane abakhulelwe lumahhala ezikhungweni zempilo zikahulumeni. Kepha, abesifazane namantombazane amaningi bayephuza ukuya emitholampilo kuze kube seduze kakhulu nesikhathi sabo sokuba babelethe. Lokhu kungaba nemiphumela emibi kakhulu kulabo abaphila ne-HIV. Amnesty International Okthoba 2014 ENingizimu Afrika cishe bayikota abesifazane abakhulelwe ukushona kwabo obekungagwemeka kepha okuhlobene nokwephuza ukuthola usizo lwezempilo noma ukungalutholi kaningi ngokufanelekile. Ukuze siqonde izihibe ezikhona ekushesheni bathole usizo lwezempilo olungenamkhawulo kwabakhulelwe, uAmnesty International ukhulume nabantu besifazane namantombazane, kanye nonompilo , esifundazweni saKwaZuluNatal nesaseMpumalanga ngesikhathi kwenziwa lolu cwaningo phakathi kukaMashi 2013 noSepthemba 2014. Imiphumela yalolu cwaningo ikhombe ngokugqamile izizathu ezintathu zabesifazane namantombazane abathi ziyizihibe ezidala ukuba bephuze noma bakugweme ukuya emitholampilo ukuyothola usizo: ukungahlonishwa kwamalungelo eziguli okungadalulwa kwesimo sez sempilo emitholampilo, ikakhulu maqondana nemiphumela yokuhlolelwa i-HIV; ukungabi nalwazi ngezempilo nezocansi kanye namalungelo abesifazane abanawo ngalezi zinto, kubandakanya nokungaphathwa kahle kweziguli ngabasebenzi bezempilo; Index: AFR 53/007/2014 izinkinga ezingapheli ezihlobene nokwentuleka kwezinto zokugibela kuyiwa emitholampilo nezindleko zazo. KUNGANI KUBALULEKE KAKHULU UKUBA ABAKHULELWE BASHESHE BALUTHOLE USIZO LOMTHOLAMPILO Ukusheshe uye emtholampilo kwenza ukuba izinkinga ezingaba khona empilweni zisheshe zibonakale futhi zelashwe kanti imitholampilo ibheka nezinkinga ezingabuye zibe khona ngokuqhubeka kwesikhathi kokhulelwe noma kumntwana amthwele. Imitholampilo ixhumanisa abesifazane namantombazane abakhulelwe nohlelo lwezempilo, nokwandisa amathuba okuba babelethele esibhedlela noma ngokusizwa umhlengikazi oqeqeshiwe. Umthethosisekelo waseNingizimu Afrika uyawavikela amalungelo abantu empilo, okulingana nawokungabandlululwa, kanye namalungelo amaningi ezocansi. Ngaphezu kwalokhu, iNingizimu Afrika iphinde yasayina imibhalo yamalungelo abantu eyibophezelayo ukuba ihloniphe, ivikele amalungelo abantu besifazane nezingane zamantombazane empilo, ukulingana nokungabandlululwa nawezocansi nokuqikelela ukuthi bayawathola ngempela la malungelo. MHESZulu final:Layout copy 1 29/09/2014 Usizo olunikwa abesifazane abakhulelwe imitholampilo kufanele iphinde ifake nezaluleko ezibalulekile ngempilo okufanele bayiphile kanye nokwesekwa emphakathini. Kwabesifazane abakhulelwe abaphila neHIV, ukusheshe baye emitholampilo kwandisa amathuba okuba umama aphile bese kwehlisa awokuba athelele umntwana amthwele ngegciwane. Uhulumeni uphakamisa ukuba abesifazane abakhululelwe baye emtholampilo amahlandla angekho ngaphansi kwamane, kusukela ngesikhathi benamasonto ayishumi nambili (12) bekhulelwe. Ngebhadi, bangaphezu kukahhafu abantu besifazane namantombazane abakhulelwe abalinda kuze kube yisigamu sesibili sokukhulelwa kwabo, futhi abaningi abayi amahlandla amane. USIZO LOMTHOLAMPILO OLUDINGWA ABAKHULELWE NOKUHLOLELA I-HIV Kusukela ngo-2010 abesifazane abakhulelwe abahloliwe batholakala beneHIV uhulumeni usebanikeza khona ngaleso sikhathi imishanguzo yokuthiba leli gciwane ukuze kuvikeleke impilo yabo ngenkathi besakhulelwe. Le nqubo iyancomeka impela njengoba isehlisa isibalo sokushona kwabakhulelwe. 11:59 Page 3 Kodwa ucwaningo lwe-Amnesty International luveza ukuthi ukulandelwa kwezinhlelo zokuhlolela nokwelaphela i-HIV kunezinkinga, ezinye zazo ezibangela ukuba abesifazane namantombazane abakhulelwe bangasheshi bayofuna lolu sizo emitholampilo. “Basacwaswa kakhulu abantu abane-HIV futhi nabesifazane bavame ukungasheshi ukuzohlolela i-HIV.” Uhulumeni waseNingizimu Afrika UKUNGAGCINWA KWESIFUBA NGEMIPHUMELA YOKUHLOLWA Enye yezinkinga eziphambili ukuthi abesifazane namantombazane bayesaba ukuba negciwane lesandulela ngculaza (iHIV) kwabo kuzokwaziwa ngenxa yokungabi namfihlo kwasemitholampilo. Kufanele besabe ngenxa yezinga eliphezulu lokwenyanywa nokubandluluwa kwabantu abane-HIV eNingizimu Afrika, ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya. Izingane zesikole ezingamantombazane zidlala KwaZulu-Natal, lapho abangaphezu kuka-40% abesifazane namantombazane abakhulelwe bephila ne-HIV. Ngenxa yomkhankaso kahulumeni oyimpumelelo wokuvimbela ukutheleleka kwezingane ezizalwa womama abanaleli gciwane, kule minyaka eyishumi eyedlule isibalo sezingane ezizalwa naleli gciwane sesehle kakhulu sisuke ku-20% saya ku-2.7%. UAmnesty International ukhuthaza uhulumeni ukuba aqhubeke nokuzibophezela emgomeni azibekele wona wokuba kugcine kungekho neyodwa ingane ezalwa inaleli gciwane. Ukushesha kokutholakala kosizo lwemitholampilo kwabakhulelwe kuyigxathu elibalulekile eliya ekufezekeni kwalo mgomo. Cover: UMbali Ndlovu nodadewabo uZanele (ophethe umntwana wakhe) besekhaya esifundeni sas’oThungulu, KwaZulu-Natal, eNingizimu Afrika, Januwari 2014 Zonke izithombe © Amnesty International Ukukhulelwa kwenza eziningi zalezi zinkinga abesifazane namantombazane ababhekene nazo nsuku zonke eNingizimu Afrika zidlondlobale zedlulele, ikakhulukazi lezo eziphathelene nobubha nokucwaswa Index: AFR 53/007/2014 Amnesty International Okthoba 2014 MHESZulu final:Layout copy 1 29/09/2014 11:59 Page 4 4 UMZABALAZO OBHEKENE NOKUTHOLA USIZO LWEZEMPILO KOMAMA IZIHIBE EKUNAKELELWENI KWABAKHULELWE ENINGIZIMU AFRIKA Abantu belindile, ekuphumeni kwelanga, ngaphandle komtholampilo eMpumalanga ukuze baqiniseke ukuthi bazobonwa umhlengikazi. Imitholampilo egcwele ngokweqile, ukungabi khona kwabasebenzi abenele emitholampilo kanye nokungaqeqeshwa ngokwenele kwabasebenzi kudala ukuba angahlonishwa amalungelo eziguli okungadalulwa kwezimo zazo zempilo nokuyinto eyenza abanye abantu besifazane abakhululwe bangakukhuthaleli ukuyofuna usizo emitholampilo. Wabe esehamba angazange aluthole usizo futhi engazange ahlolwe. Wachaza wathi: “Ngangikhathazekile ngokuhlolwa emtholampilo. Bangithethisa bathi ‘kungani usaba’ futhi angiphathekanga kahle ngalokho, yingakho ngicabanga ukuthi kwaba wumqondo omuhle ukuhlolwa [kwenye indawo].” Kamuva uBusisiwe wasihlolela esikoleni sakhe i-HIV kodwa ngaleso sikhathi wayesenezinyanga eziyisihsiyagalombili ekhulelwe. UBusisiwe (kulona igama lakhe langempela leli) oneminyaka eyi-18 uhlala nomntwana wakhe, unina nezingane zakubo endaweni yasemakhaya ekude nedolobha KwaZulu-Natal. Lo mndeni ngandlela thile uphila ngemali engatheni yezibonelelo zikahulumeni. Ngesikhathi uBusisiwe enezinyanga ezine ekhulelwe, waya emtholampilo ngoba wayefuna ukuhlolelwa i-HIV ukuze akwazi ukuvikela umntwana wakhe amthwele uma ethola ukuthi kunesidingo. Kwadingeka ukuba ahambe ibanga elithatha cishe 60 kuya ku-90 wemizuzu esaya nebanga elilinganayo esebuya. Ngesikhathi esebeletha, uBusisiwe wacela umakhelwane wakhe ukuthi amhambise esibhedlela ngemoto yakhe ngoba wayengenawo uR250 (US$24) wokuqasha imoto. Umakhelwane wamhambisa emtholampilo oseduzane, lapho abizelwa khona i-ambulense, eyathatha amahora amathathu ngaphambi kokuba ifike. UBusisiwe wathi: “[Abasebenzi basemtholampilo] bangikhombisa omunye wemibhede bathi angiyolindele kuwona i-ambulense, base bengishiya kanjalo. Abazange besabuya kwaze kwafika iambulense.” Wathi emtholampilo, abahlengikazi bamemeza bemthethisa esidlangalaleni bethi kungani ekhulelwe emncane kanje, bangamnika usizo. Yize noma abhekana nalo bunzima nokungalutholi usizo olwenele, kepha wabeletha ingane ephile saka. Amnesty International Okthoba 2014 Index: AFR 53/007/2014 ngokobulili. Abantu besifazane namantombazana batshele abenza ucwaningo bakwa-Amnesty International ukuthi bazizwa besengcupheni kakhulu yokuba nale nkinga yokwenyanywa nokubandlulwa okuhlobene ne-HIV ngenkathi bekhulelwe, nodlame lwasekhaya nokushiywa kanjalo. Imvamisa imitholampilo kayinayo ingqalasizinda, izindlela okuyizonazona nezibalo ezanele zabasebenzi abaqeqeshwe ngendlela efanele ukugcina imfihlo yesiguli. Eminye imitholampilo enikeza usizo abesifazane abakhulelwe isebenzisa amagumbi athile, izindawo zokulindela kumbe izinhlelo zemigqa okuma kuyona abantu abane-HIV bodwa, ngakho noma ubani osemtholampilo angasazi isimo sabo. Eminye isebenzisa amafayela ehlukile noma izitsha zemithi ezehlukile zabantu abane-HIV, nalapho sivele sizihlalele obala nje isimo seziguli. Ezinye izakhiwo ezisetshenziswayo zincane, zakhiwe kabi kumbe ziminyene Umthethosisekelo uthi, “Wonke umuntu unelungelo lokugcina okuthile ngaye kube yisifuba sakhe”. Ekwelashweni-ke lokhu kufaka: ilungelo lokuvuma usuchazelwe kahle – uhulumeni kufanele athathe izinyathelo zokuqinisekisa ukuthi abantu besifazane namantombazane bakuvuma sebechazelwe okuzokwenziwa kubona; nelungelo lemfihlo – uhulumeni kufanele aqinisekise ukuthi ilungelo lesiguli lokufihla liyavikeleka. MHESZulu final:Layout copy 1 29/09/2014 11:59 Page 5 UMZABALAZO OBHEKENE NOKUTHOLA USIZO LWEZEMPILO KOMAMA IZIHIBE EKUNAKELELWENI KWABAKHULELWE ENINGIZIMU AFRIKA kangangokuthi ayikho indlela yengxoxo nokwelashwa okuzoba yimfihlo yomuntu. Abantu besifazane namantombazane bakhala nangokuthi abasebenzi bezempilo bayamemeza kumbe baxoxe nabanye ngesimo sabo se-HIV nokukhulelwa kwabo ngendlela engemukeleki. UKUNGANIKWA ITHUBA LOKUBA UVUME OKWENZIWA KUWENA USUNOLWAZI Lo mqondo owandile wokuthi ukuhlolelwa iHIV yingxenye eyimpoqo yokunakekelwa kwabesifazane abakhulelwe kudala okunye ukwesaba kwabesifazane namantombazane okungabangela ukuba bakugweme noma bangasheshi ngokufanele ukuyothola usizo emitholampilo. Abaningi kuyabakhathaza ukuthi bangase bathole ukuthi sebene-HIV nokuthi sekufanele batshele omaqondana babo, okungabadalela ukubalekelwa basale bodwa kanye nokuhlukumezeka. Abanye futhi bayazi ukuthi ukwelulekwa nokunye ukwesekwa emtholampilo akwenele noma akukho nhlobo, futhi besaba nokuguliswa yi-HIV. Abasebenzi bezempilo bavame ukukhuluma ngokuhlolelwa i-HIV kwabakhulelwe ngendlela egxilisa le nkolelo yempoqo. Izinkombandlela zeNingizimu Afrika nezomhlaba jikelele ziyakucacisa ukuthi abasebenzi bezempilo kumele baqinisekise ukuthi abantu besifazane namantombazane bavuma sebenolwazi ngaphambi kokuhlolelwa i-HIV. Abasebenzi bezempilo futhi kufanele beluleke ngaphambi nangemuva kokuhlolwa okwenza ukuba abesifazane namantombazane bathathe izinqumo sebenolwazi. Above: Intombazane engumama esifundazweni saseMpumalanga. ENingizimu Afrika, 8% wabantu abakhulelwayo amantombazane aneminyaka engaphansi kweyi-18, kodwa yize noma kunjalo lamantombazane awu36% wabesifazane abakhulelwe abashonayo. “[I] Uma ngiyolanda amaphilisi e-HIV, nankuya umugqa wami. Bonke abantu abakulo mugqa bayazi ukuthi laba bantu baneHIV. Yikho nje abantu besaba ukuya emtholampilo.” Kusho owesifazane eMpumalanga “Bonke abantu besifazane abakhulelwe bahlala ndawonye kodwa babahlukanisa ngokuthi bane-HIV noma cha bese bebangenisa emagunjini ahlukene. Lokhu akulungile.” Kusho owesifazane KwaZulu-Natal Above left: Ibhodi elikhulu elibhekene nomtholampilo eMpumalanga. Ngoba ukuhlolelwa i-HIV kuyingxenye yokunakekelwa ngaphambi kokubeletha, baningi abesifazane abahlolwayo eNingizimu Afrika kunabesilisa – bawu52.6% kanti abesilisa bawu-37.5%. Ngenxa yalokhu icala lokuba negciwane livamise ukwethweswa abesifazane bese beba sengozini yokubalekelwa bashiywe kanye neyokulinyazwa ngesikhathi lapho besabhekene nezinselelo zokukhulelwa nezokufunda ukuphila ne-HIV. “Bonke abesifazane abakhulelwe bayahlolwa. Abavumelekile ukuthi bathi abakakulungeli ukuhlolwa.” Kusho umeluleleki eMpumalanga “Bonke abesifazane abakhulelwe bayahlolwa. Abavumelekile ukuthi bathi abakakulungeli ukuhlolwa.” Kusho umeluleleki eMpumalanga Index: AFR 53/007/2014 “Imiphumela yokuhlolwa kwami ayaziwa muntu ekhaya, bangangehlulela.” Kusho owesifazane ophila ne-HIV KwaZuluNatal Amnesty International Okthoba 2014 5 MHESZulu final:Layout copy 1 29/09/2014 11:59 Page 6 6 UMZABALAZO OBHEKENE NOKUTHOLA USIZO LWEZEMPILO KOMAMA IZIHIBE EKUNAKELELWENI KWABAKHULELWE ENINGIZIMU AFRIKA “Kungasisiza ukwakhelwa umgwaqo onetiyela… ngoba ngisho nomtholampilo ongumahamba nendlwana awukwazi ukufika lapha uma linetha.” Kusho owesifazane KwaZulu-Natal YINDE INDLELA Emiphakathini yaseNingizimu Afrika imvamisa esezindaweni ezisemakhaya futhi eziyizintaba, ezokuthutha iyona ngqinamba ezedlula zonke ezinye ebhekene nabesifazane namantombazane abakhulelwe. Imigwaqo kwezinye zezindawo ezivakashelwe yi-Amnesty Internatio ibheda ngendlela yokuthi akuhambeki kuyona uma linile. Ngisho seyomile, ama-ambulensi awakwazi ukudlula ezindaweni ezithile. Iningi labesifazane namantombazane abakhulelwe abanazo izithuthi zomphakathi abangazisebenzisa, ngakho-ke bagcina sebehamba ngezinyawo ukuya emitholampilo – okuyibanga elithatha ihora noma ngaphezulu. Kuyiqiniso ukuthi iyona ndlela ejwayelekile lena yokufinyelela ezikhungweni zezempilo ezweni lonke. “Nganginezinyanga eziyisikhombisa ngikhulelwe. Kwadingeka ukuba silinde umeluleki [emtholampilo]… lokho kwadala ukuba ngidlulelwe yisikhathi. Yayingekho into yokuhamba ngakho kwadingeka ukuba ngihambe ngicela ama-lifti.” Nokwethemba Sikhakhane, uthisha wasenkulisa nendodakazi yakhe enamasonto amabili Amnesty International Okthoba 2014 Kuba yinkinga ukuthola imali yokugibela itekisi noma iveni (iveni elakhelwe ukuthwala abantu, okungaba yinto engaphephile kubantu besifazane abazithwele). Ngakho-ke, abesifazane abakhulelwe namantombazane bagcina sebehlehlisa noma begwema ukuya emtholampilo ngoba bengenayo imali yokugibela. Ezimweni eziphuthumayo izindleko zokukhokhela imoto eqashwayo ziyesabeka – zingase zifinyelele ku-R900 (US$80). Ukuswela imisebenzi kusho ukuthi imizi Index: AFR 53/007/2014 “Kunzima ngoba sihamba emgwaqweni wobhuqu onamatshe futhi omigodigodi. Imoto iyahhadlazela, igxumagxume nokwenza kube nzima kakhulu kwabesifazane abakhulelwe. Kodwa ayikho into esingayenza, kufanele sisamukele lesi simo.” Kusho owesifazane KwaZulu-Natal echaza uhambo egibele iveni eya emtholampilo eyothola usizo lwabakhulelwe eminingi emakhaya iphila ngemali yesibonelelo sikahulumeni. Imbalwa imizi ephila ngemali engaphezu kuka-R1,000 (US$95) ngenyanga kuleyo evakashelwe yiAmnesty International. Ukushoda kwama-ambulensi kwezinye izindawo kusho ukuthi abesifazane ngesinye isikhathi basebenzisa ingxenye yemali abayenza ngenyanga ukukhokhela ukugibela ukuze bafike esibhedlela uma sekuyisikhathi sokubeletha. Le mali igcina ingaseneli kwezinye zezinto ezidingekayo, njengokudla nezimpahla zomntwana. Abesifazane namantombazane bangagcina UMthethosisekelo waseNingizimu Afrika uthi wonke umuntu unelungelo lokuthola usizo lwezempilo. Lokhu kusho ukuthi zonke izikhungo nemisebenzi yezempilo kumele kufinyeleleke kalula kuzona, zingabangi izindleko futhi zibe wusizo kuwona wonke umuntu, futhi ukufinyelela kuyo kuphephe kuwonkewonke, ikakhulukazi kubantu ababuthaka. MHESZulu final:Layout copy 1 29/09/2014 11:59 Page 7 Iveni ihamba emgwaqweni omubi wobhuqu esifundazweni saso’Thungulu KwaZuluNatal. Lesi sifunda saba nesibalo sabantu besifazane abakhulelwe abashonayo esikhulu kunazo zonke eNingizimu Afrika ngonyaka ka-2012/13. ngokuvikeleka kwi-HIV namakhono adingekayo ukuze baqinisekise ukuthi kusetshenziswa ikhondomu. Amantombazane aphakamise ukuthi kube nezifundo ezenabile ngezocansi ezethulwa ezinikezwa bonke abafundi ezikoleni. Abesifazane namantombazane bathe kungaba kuhle uma ozakwabo bengahamba nabo uma beyothola usizo emitholampilo noma beyohlolela i-HIV. - sebezitetela ngaphandle kokuthola usizo lwezempilo emakhaya noma emgwaqeni ngoba bengakwazi ukuqasha imoto uma ingaqhamuki i-ambulensi – okuyinto eyenzeka mihla namalanga. ‘NGIFISA ENGABE NGANGAZI KANGCONO’ a Ukushoda kolwazi mayelana nezempilo eziphathelene nocansi nokukhulelwa namalungelo akhona eNingizimu Afrika kunemiphumela emibi kubantu, emiphakathini nasesizweni sisonke. Kunomthelela emazingeni aphezulu abantu abakhulelwa bengahlelile, ikakhulukazi Ngaphansi kwelungelo lezempilo, uhulumeni kumele aqinisekise “ilungelo lofundiswa ngokuhlelwa komndeni” futhi “ahlinzeke ngosizo lwezempilo olwenele, olukhonekayo nolutholakala kalula, okubandakanya ulwazi, izifundo nezinhlelo zokuxhumana kubantu besifazane ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya.” ezinganeni zamantombazane, ekusabalaleni kwe-HIV, nokuthola usizo mayelana nokukhulelwa sekwedlule isikhathi. I-Amnesty International ithole ukuthi abesifazane namantombazane abazi noma abaqondi ukuthi kubaluleke kangakanani ukuthola usizo lwezempilo uma ukhulelwe. Kubikwe nezikhalo eziningi ngezinga losizo abalunikezwa onompilo abasebenza ezikhungweni zezempilo. Ngenxa yalokhu, abesifazane namantombazane amaningi baya kuthola usizo sekuhambe isikhathi. Kuzwelonke, cishe isigamu sabantu abakhulelwa minyaka yonke abangu-1.2 million basuke bengakuhlelanga ukukhulelwa. Abesifazane abaningi namantombazane i-Amnesty International ikhulume nabo bachaze izingqinamba ababhekana nazo uma befuna ulwazi ngezinto zokuvikela ukukhulelwa, ukukhipha izisu nokugwema i-HIV. Baphinde bangabi nalo ulwazi Index: AFR 53/007/2014 Cishe bonke abasebenzi bezempilo okukhulunywe nabo batshele i-Amnesty International ukuthi bayafisa ukuqeqeshwa ngokuthi bangafundisa kanjani ngezinto eziphathelene nocansi nokukhulelwa namalungelo akhona, ikakhulukazi emantombazaneni asemancane. “Iningi labo alazi nokuthi kusho ukuthini ukukhulelwa, abazi ukuthi babhekene nani, ngoba abakaze bakhulume namuntu emakhaya ngakho abazi ukuthi ukukhulelwa kusho ukuthini, yini elandelayo.” Umhlengikazi ekhuluma ngezingane ezikhulelwe Amnesty International Okthoba 2014 MHESZulu final:Layout copy 1 29/09/2014 11:59 Page 8 8 UMZABALAZO OBHEKENE NOKUTHOLA USIZO LWEZEMPILO KOMAMA IZIHIBE EKUNAKELELWENI KWABAKHULELWE ENINGIZIMU AFRIKA La mantombazane aseMpumalanga wonke asewomama. Athi awazange awasebenzise amaphilisi noma imijovo yokuhlela umndeni ngaphambi kokuba akhulelwe futhi akholelwa wukuthi kufanele amantombazane nabafana banikwe ulwazi oluthe xaxa ngezindlela zokuvikela ukukhulelwa esikoleni besebancane. IZINYATHELO EZIDINGA UKUTHATHWA MANJE kokubeletha eNingizimu Afrika. Kwezinye zezincomo ezethulwe embikweni, i- olwenele ngaphambi kokuvuma ukwenziwa I-Amnesty International iyazibona izithelo Amnesty International inxusa uhulumeni okuthile ezikhungweni zezempilo. ezinhle zezinyathelo zakamuva ezithathwe ukuba: yiNingizimu Afrika zokwenza ngcono Aqwashise ngamalungelo eziguli, ikakhulukazi ilungelo lokunikwa ulwazi Andise ulwazi mayelana nezempilo amazinga okuhlinzekwa kosizo lwezempilo Aqinisekise ukuthi wonke amagatsha eziphathelene nocansi nokukhulelwa kubona bonke abantu baseNingizimu Afrika kahulumeni abamba iqhaza embhidlangweni namalungelo akhona, kubandakanya nokulwa nobhubhane lwe-HIV. wokunqanda ukushona kwabesifazane ukufundisa kabanzi ngezocansi abakhulelwe, owokunqoba i-HIV/AIDS kanye okubandakanya amadoda nabafana. Yize noma kunjalo, kodwa i-Amnesty nowokuqeda ukucwasana ngokobulili, futhi International ithole ukuthi izingqinamba asungule izinhlelo zokukhuthaza ukukhulelwa ekuqikeleleni ukuthi ziyasebenza futhi nokubeletha okuphephile, kubandakanya kwezokuthutha eziphephile, ezisheshayo zisebenza ngendlela efanele izinhlelo ukusukumela izinselelo zezenhlalo nezanele, nezimo ezingezinhle zemigwaqo, eziqalwe uhulumeni kuhlangene nezinselelo nezomnotho ezibhekene nabesifazane phakathi kokunye lokhu angakwenza ngezinto ezindala ezimayelana nokungalingani namantombazane abadinga usizo lwezempilo zokuhamba ezixhaswe uhulumeni noma zibe kwezomnotho kuholela ekutheni lapho bekhulelwe. mahhala, ngezibonelelo kwabesifazane kubambezeleke ukutholakala kosizo Asukumele ngokushesha ukushoda namantombazane akhulelwe ukuze bakwazi lwezempilo kubantu abakhulelwe. Lokhu kunomthelela emazingeni aphezulu ukuba kudalulwe izinto eziyimfihlo yesiguli, ngokwenza ngcono ingqalasizinda yemigwaqo ngokungemukelekile abesifazane ezihlukanisa imigqa nezindawo zokulinda kanye nangokwenza zibe ningi izinto namantombazane abashona kungenasidingo zabantu abaphila ne-HIV. zokuhamba okungakhethwa kuzona. Aqede zonke izinqubo zezempilo ezidala ukubhekana nezindleko zokugibela, minyaka yonke bekhulelwe noma ngemuva I-Amnesty International yinhlangano yomhlaba enabantu abayesekayo, amalungu nezishoshovu ezingaphezu kwezigidi ezintathu emazweni angaphezu kuka-150 ekhankasela ukuqeda ukungahlonishwa kwamalungelo abantu. Index: AFR 53/007/2014 Zulu Umbono wethu ukubona wonke umuntu ejabulela amalungelo anawo aqhakanjiswe kuSomqulu wamaLungelo aBantu woMhlaba kanjalo nakwamanye amazinga omhlaba amalungelo abantu. Akekho uhulumeni esingaphansi kwakhe, ayikho inkolelo yepolitiki esiyilandelayo, akukho nzuzo yezomnotho esiyisophile kanti futhi akukho nkolo esiyilandelayo njengoba nemali yethu ivela kumalungu ethu kanye nakulabo abasinika iminikelo. Amnesty International International Secretariat Peter Benenson House 1 Easton Street London WC1X 0DW United Kingdom Okthoba 2014 amnesty.org
© Copyright 2026