EMMANUEL CATHEDRAL UMZINDLO Cathedral Road, Durban, 4001, RSA, Tel : (031) 3063595/6 Fax: (031 3063597, Website: http:// Facebook Page: ‘Emmanuel Cathedral’ wwww.emmanuelcathedral.org.za, Email: [email protected] ISITHELO Ekubhabhadisweni. Ngamunye wethu wahlangana kuJesu ngoMoya Ocwebileyo. Njengegatsha likhula esihlahleni, imiphefumulo yethu idonsa ukuphila kwakhe, wondliwa ngezwi lakhe nangogcobo. Namhlanje ivangeli lisibizela ekutheleni izithelo ezinhle njengabafundi bakhe, ukuze ukuphila kwethu kukhazimulise uNkulunkulu. Njengokuphila kuka Pawuli, izimpilo zethu mazifakaze ngobuhle bakhe. UJesu uyasixwayisa, ukuthi uma sithela izithelo, singalindela ukuthi uNkulunkulu ‘asihlakule’ - njengomlimi enquma emumva amagatsha esithelo ukuze siqine futhi sithele ngokungeziwe. Uyasifundisa namuhla ukuthi singabheka kanjani ukuhlupheka nokuvivinywa kwethu ngamehlo nangokholo. Sidinga ukubona imizabalazo yethu, ngalo sinikwa uqeqesho ukuze sikhule ngobungcwele futhi sithele izithelo zokulunga. (Hebheru 12: 4-11). ISITATIMENDE SOMBONO KANYE NOBIZO LWETHU Umphakathi kaNkulunkulu osiza abantu. Umphakathi owamukelanayo ogxile ezwini likaNkulunkulu. Sithokozele ukwahlukahlukana kwethu njengomndeni kaNkulunkulu ophuphumayo ngokomoya. Sizinikele ekuthandeni uNkulunkulu kanye nomakhelwane wethu. UMPHATHI: FR. STEPHEN TULLY ISEKELA LOMPHATHI: FR. ZAKHELE NDLOVU Esikhuthaza kakhulu emphakathini emncane yamaKristo imindeni kanye nabanye abantu noma emaqenji UMSIZI WEZOKWALUSA: SR. MARION MILLANE HF USIHLALO WOMKHANDLU: MRS. BUNNY VAN DER MERWE ISEKELA LIKASIHLALO : MR. THABO ZWANE ISONTO LESI-6 LEPHASIKA—B Isifundo sokuqala: (Izenzo 10: 25-26, 34-35, 44-48) ”Isipho noMoya Ocwebileyo saphiwa nabezizwe.” Isiphendulo Hl 97: INkosi ivezile usindiso lwayo phambi kwezizwe zonke. Isifundo sesibili: 1 Jn. 4: 7-10) “UNkulunkulu uluthando” IVANGELI: ( Jn. 15: 9-17) “Akukho muntu onothando olukhulu kunalolu lokuba adele ukuphila kwakhe ngenxa yabangane bakhe” IzEnzo 9: 26-31 “Wabalandisa ukuthi yena wayibona kanjani iNkosi endleleni.” Felix Monty, Zethu Khumalo , Justina Fushai, Ethan Fushai, Katherine Koenorsk, Ether Gielink, Lindelwa Zeka & family, Nomusa Mpanza & family, Nhlanhla Zwane & family, Nozipho Hlangu, Keith Singh, Morris Mandla khwela, Kevin Usher, Timmy Govender, Fr. Van Heeswijk, Fr. Chris Lockyer. Sicela sikhulekele abagulayo. Sineqembhu elinakekela abagulayo kanye nabadala noma ngabe basemakhaya noma ezibhedlela. Uma ufisa ukwazi kabanzi ngaloluhlelo ungaxhumana no Mama uThabile Cele kulezizinombholo zocingo: 082 781 0886 noma 031 2617848 Nomake uqonde ngqo emahhovisi epherishi uyozibika. Noma ushayele amahhovisi ethu kulolucingo 031 306 3595. Ukuze ogulayo noma umuntu osemdala angene kuloluhlelo ungaletha (1) igama nesibongo sakhe (2) ikheli lapho ehlala khona (3) inombholo yocingo (4) bese nawe uzisho ukuthi ungubani nokuthi wena utholakalaphi. PERSON IZINOMBOLOCONTACT EZIBALULEKILE ISONTO LESIHLANU LEPHASIKA Isifundo sokuqala: UKUKHULEKELA ABAGULAYO ORGANIZATION 03 MAY 2015 CONTACT Isihlabelelo sokuphendula Hl. 21 Ngiyokudumisa, Nkosi, emhlanganweni omkhulu. 1. Ngiyogcina izifungo zami phambi kwabakwesabayo. Abampofu bayakudla basuthe; abayifunayo iNkosi bayakuyidumisa, izinhliziyo zabo mazibe yilokhu ziphila. R 2. Yonke imikhawulo yomhlaba iyokukhunjula, iphendukele eNkosini, yonke imindeni yezizwe iyakukhuleka phambi kwayo. Bonke abalele phansi emhlabeni bayakukhuleka kuyo yodwa, bonke abehlela othulini bayakukhothama phambi kwayo. R 3. Umphefumulo wami uyophilela yona nenzalo yami iyoyikhonza. Iyoshumayeza isizukulwane esizayo ngeNkosi, sona siyakubika ukulunga kwayo esizweni esiyakusilandela, sithi: Lokhu kwenziwé yiNkosi. R ORGANIZATION CONTACT PERSON CONTACT 1. DHC Manager Jean-Marie Ntamubano 072 549 0338 2. Nkosinathi Project Ishmael Chishanu 078 199 5685 3. SVDP Albert Hororo 078 466 1453 4. Refuge Pastoral Care Hupenyu Makusha 031 307 1074 5. Baptism (0—5 Years) Lionel McDonald 072 387 8270 Hlalani kimi nami ngihlale kini, kushi iNkosi; ohlezi kimi nguye othelayo izithelo eziningi. 6. Catechism Maria Sissing 083 246 4444 Alleluya. 7. Confirmation Veronica Benny 079 788 8549 8. RCIA Iris Niemack 073 646 7629 IVANGELI: Jn. 15: 1-8 Ngiyokudumisa, Nkosi, emhlanganweni omkhulu. ISIFUNDO SESIBILI: “Umyalo wakhe yilowo wokuthi sikholwe sithandane.” Ibika leVangeli: Alleluya, alleluya “Ohlezi kimi nami ngihlezi kuye, nguye othelayo izithelo eziningi.” 1Jn. 3: 18-24 OKWENZEKA ZONKE IZINSUKU uMsombuluko 04 May: R1 Ac 14, 5-18; Ps 113B, 1-2. 3-4. 15-16. Go Jn 14, 21-26. 06h30: IMisa 07h00: Umkhuleko wasekuseni oLwesibili 10h00: IMisa R1 Ac 14, 19-28; Ps 144, 10-11. 12-13ab. 21. Go Jn 14, 27-31a. 06h30: IMisa 07h00: Umkhuleko wasekuseni 06 May: R1 Ac 15, 1-6; Ps 121, 1-2. 3-4a. 4b-5. Go Jn 15, 1-8. 06h30: IMisa oLwesine 07h00: Umkhuleko wasekuseni 07 May: 10h00: IMisa UKUDUMISA IMINI YONKE R1 Ac 15, 7-21; Ps 95, 1-2a. 2b-3. 10. Go Jn15, 9-11. 06h30: IMisa 07h00: Umkhuleko wasekuseni oLwesihlanu 08 May: UKUDUMISA UBUSUKU BONKE R1 Ac 15, 22-31; Ps 56, 8-9. 10-12. Go Jn 15, 12-17. 06h30: IMisa 07h00: Umkhuleko wasekuseni 10h00: IMisa uMgqibelo 09 May: R1 Ac 16, 1-10; Ps 99, 2. 3. 5. Go Jn 15, 18-21. 07h00: IMisa ISonto 07h00: Umkhuleko wasekuseni 11h00—12h30 & 16h30—17h00: INhlambuluko, 17h30: IMisa 10 May : ISONTO 7. IMVUSELELO YABAPHATHI BEMIHLANGANO: Mhlaka 20 June 2015, uFata Zakhele uzobamba imvuselelo yabaphathi bemihlangano kusuka ngo 9h00—12h00 e-DHC. Yonke imihlangano kumele ukumelwa ngabaholi bayo. 8. UMCWANINGI WEZEZIMALI: Ipherishi lifuna ivolontiya elizosiza ukucubungula izimali. Sicela nixhumane nomphathi wehhovifi ku 031-3063595. 05 May: oLwesithathu IZIMEMEZELO LESITHUPHA LEPHASIKA 07h45: IMisa ngeSingisi 10h00: IMisa (Izilimi ezixubile) 12h00: IMisa ngesiZulu IZIMEMEZELO 1. UMNIKELO WESIBILI: ngalelisonto umnikelo wePastoral. Niyacelwa ukuba niphane. 2. R.C.I.A: WOZA UZOBONA: Bonke labo abathanda ukuba ngamaKhatholika, labo abathanda ukuqiniswa nokwazi kabanzi ngenkolo yamaKhatholika , bayamenywa ukuba beze ku ‘Woza uzobona’ oyoqala ngomhlaka– 18 kuMbasa 2015. Ngemininingwane thintana no– Iris Niemack ku– 073 646 7629. 3. SIKHUMBULA IZINGQALABUTHO EZIMBILI: NgeSonto mhla ziyi– 10 kuNhlaba siyobe sibungaza iminyaka eyi– 100 yokuzalwa yezingqalabutho ezalwa nobandlululo, uMbhishobhi omkhulu uHurley kanye noBeyers Naude– ozalwa mhla ziyi– 10 kuNhlaba. Kuyoba nezingxoxo ngalaba baholi abangamaKristo ababalulekile, omunye oyikhatholika omunye oyiDutch Reformed. Lokhu kuyokwenzelwa e DHC ngo– 3: 00 ntambama kwenziwa u Dr. Barney Pityana ongumpriste wama– Anglican nowayengu Vice Chancellor e– UNISA . Ungaphuthelwa. 4. KUZOHLONISHWA UMBHISHOBHI: Umbhishobhi Oscar Romero, ukuzwelana nombhishobhi wase San Salvador enyakatho neMelika, uzohlonishwa e-EI Salvador ngoMgqibelo 23 May. Ukuze kugujwe lesisenzakalo esimangalisayo, kuyoba nenkonzo ekhethekile “Emthonjeni” esikhungweni eDiakonia ngo 14h00 mhlaka 23 May. Namukelekile nonke. 5. KUDINGEKA UMHLELI WEMICIMBI: NgoMsombuluko mhlaka 9 November siyoba nemicimbi emibili ebalulekile e-DHC; ukuvula ngokusemthethweni kwesikhungo ekuseni kanye nekhonsathi yezenkolo e’Mall’ ntambama. Umcimbi ngamunye uyobe uhanjelwe abantu abalinganiselwa ekhulini. Sidinga umhleli wemicimbi onolwazi olunzulu ngalemicimbi emibili. Sicela nixhumane noMphathi wesikhungo i-DHC ku 0765702497. 6. UMBHABHADISO: Amakilasi okubhabhadiswa ahlelwe kanje; IsiNgisi; 3May, 10th, 17th, & 24May. IsiZulu— 31May, 07June, 14June & 21June (ngeSonto), Niyacelwa ukuba nilethe amafomu okubhalisa ku– Lionel McDonald ehhovisi lePherishi. Usuku lokubhabhadiswa liyoba zingu 27 June ngehora lesi 08:00 ekuseni. 9. IMVUSELELO I-GALILEE SPIRITUAL GROWTH AND HEALING: UMbhishobhi Barry Wood uzobusisa futhi avule indlu yemvuselelo eBallito mhlaka 12 May 2015.. Sicela nibheke ebhodini lomkhandlu ngemininingwano. 10. “ISITSHALO: 30 &31 May 2015. Ungaphuthelwa” 11. UMCIMBI WABASHA: Izoba mhlaka 9 May e-St Anthony’s, ukubhalisa kuyoqala ngo-08h00. Imisa labasha libe mhlaka 10 May ngehora leshumi ekuseni lapha eKhathedrali, bonke abasha bayamenywa. 12. ISIMEMO ESIVELA EQENJINI I-ST AUGUSTINE: Iqembu lukuqongelela kwezimali ze-St Augustine limema amalunga ebandla anobudlelwane nabadala noma abasha besikole iSt Augustine ukuba bajoyine iqembu, elihlangana kanye ngenyanga, umhangano olandelayo uzoba ngoMsombuluko mhlaka 18 May ngo 09h30. Imininingwane ungashayela uDaphne Goad ku 0846066151. 13. UKUNYAKAZA KWAMADODA: Wonke amadoda ayacelwa ukuba abonane no Mnu. Lionel McDonald ePiazza ngemumva kweMisa lika 07h45 imizuzu elishumi. Siyabonga 14. JUSTICE & PEACE: Imema wonke amakholwa ukuba ahambele uqeqesho lokuqonda ngokuphathwa kwezimali emndenini (Family financial management workshop) ngoMgqibelo 9 May ngo 10h00 e-DHC. Bazothola ulwazi ngokuphathwa kwezikweletu, ukuhlela isabelomali somndeni, kanye nokunye okuningi. Ningaxhumana no Alfred kwethi 0764924154. 15. IQEMBU LE-JUSTICE & PEACE: Limema bonke osomaBhizinisi kanye nalabo abasezikhundleni zokuqasha ezindaweni abasebenza kuzona, abangasiza ngokudala amathuba emisebenzi lapho besebenza khona ukuba babhalise neJustice & Peace ngenhloso yokulekelela ekulweni nobhubhane lokwentuleka kwemisebenzi (Employment Initiative Programme). Sicela nixhumane noKhwezi Mabaso ku 0731167588. 16. UKUSABALALISA UMZINDLO: U– Elizabeth uzobe elapha ngalolu Lwesihlanu ngo– 11h30 e DHC, itiye njengenjwayelo besenidlulela e-DHC imizuzu engo 30, nonke namukelekile. Ningaxhumana no Sr. Marion ku– 0761775151. 17. USIZO LWETHU CLINIC: Sibonga kakhulu ngomnikelo weMicrowave, iFeni, TV, DVD, kanye noMshini wokuwasha. Umtholampilo usudinga umshini wokomisa. Siyabonga ngokuphana kwenu. 18. FULBRIGHT FOREIGN STUDENT PROGRAM: Eyalabo asebenazo iziqu e U.S ngokukhethekile abafundi abasebancane, nabanobuchwepheshe. Abafundi abatonyuliwe bathola izibonelelo zokufundela iMasters kanye ne PhD e– America, noma benze ocwaningo e- U. S. njengengxenye ye PhD yaseNingizimu Afrika. Leli yithuba okungamele likuphunyuke. Ngemininingwane bheka ibhodi lezaziso. 19. UMHLANGANO WAMABIZELO: Niyaziswa ukuthi umhlangano wamabizelo uzokuba njalo ngoMgqibelo wokuqala enyangeni ngo– 08h30 ekuseni ngemuva kweMisa le Blue Army. Bonke abafana namantombazane amancane bayacelwa ukuba beze. Nabazali bayakhuthazwa ukuba baphelezele abantababo. Ngemininingwane ningathintana no Nkk. Gobhozi ku– 082 519 8172 noma uNksz. Nothando ku– 071 173 0376. 20. SOUTHERN CROSS: ISSUE OF APRIL 29 TO MAY 5, 2015 1 Vocations Sunday focus 2. The roots of Eskom crisis 3. SA Catholics on Church and family 4. Pope: What Year of Mercy is all about 5. Is Christianity a ‘colonial’ religion? THIS WEEK’S EDITORIAL: GOD’S CALL TO SERVICE
© Copyright 2025