EMMANUEL CATHEDRAL

EMMANUEL CATHEDRAL
UMDLINZO
Cathedral Road, Durban, 4001, RSA, Tel : (031) 3063595/6 Fax: (031 3063597, Website: http://
Facebook Page: ‘Emmanuel Cathedral’
wwww.emmanuelcathedral.org.za, Email: [email protected]
UMKHULEKO WOMNDENI ONGCWELE
Jesu, Maria, Josefa sibukel kinina ubuhle bothando lwangempela, siphendukela kinina
ngethemba. Mndeni Ongcwele waseNazaretha sipheni ukuba imindeni yethu ibe indawo yokuhlangana nokukhuleka, indawo yokufunda ngeqiniso leVangeli, nebandla elincane lasemakhaya ethu.
Mndeni Ongcwele waseNazaretha, sengathi imindeni ingephinde ibe nodlame, ibandlululwe
nokwehlukana; sengathi bonke abezwe ubuhlungu noma bahlazeka bangafumana ukwesekwa
nokulapheka. Mndeni Ongcwele waseNazaretha, sengathi leSinodi yabaBhishobhi ezoqala,
ingasikhumbuzisa ngokucweba nobumsulwa bomndeni nobuhle becebo likaNkulunkulu.
Jesu, Maria, Josefa, silaleleni ngomusa. AMEN.
Esikhuthaza kakhulu emphakathini emncane yamaKristo imindeni kanye nabanye abantu noma emaqenjini.
ISONTO LE-30 LENKATHI YONYAKA—A
ISITATIMENDE SOMBONO KANYE NOBIZO LWETHU
Umphakathi kaNkulunkulu osiza abantu.
Umphakathi owamukelanayo ogxile ezwini likaNkulunkulu.
Sithokozele ukwahlukahlukana kwethu njengomndeni kaNkulunkulu ophuphumayo ngokomoya.
Sizinikele ekuthandeni uNkulunkulu kanye nomakhelwane wethu.
UMPHATHI: FR. STEPHEN TULLY
ISIKELA LOMPHATHI: FR. MALUSI ZACA
UMDIKONI: REV. MATTHEW NDLELA
UMSIZI WEZOKWALUSA: SR. MARION
MILLANE HF
USIHLALO WOMKHANDLU: MRS. BUNNY VAN
DER MERWE
ISEKELA LIKASIHLALO : MR. THABO ZWANE
18-19 OCTOBER 2014
ISONTO LAMA-29 LENKATHI YONYAKA—A
Isifundo sokuqala(Eksodusi 22: 21-27)“Uma ninonya kubafelwakazi nezintandane, ulaka lwami luzonivukela.”
Isiphendulo HI. 17: Ngiyakuthanda, Nkosi, mandla ami.
Isifundosesibili (1Thess. 1: 5c-10)”Naphendukiselwa kuNkulunkulu, nishiya onkulunkulu abangeyibo, ukuze nikhonze
uNkulunkulu onguye nihlalele iNdodana yakhe.’’
IVANGELI (Mt. 22: 34-40) “Wothanda iNkosi uNkulunkulu wakho nomakhelwane njengoba uzithanda.”
Isifundo sokuqala:
UKUKHULEKELA ABAGULAYO
Mercy Tsitsi Hororo, Miss .Felix Monty, Zethu Ngobese , Louise Cherie, Dudu Miya, Kelvin J. Usher,
Shirley Burke, Kimoto Kungwa, Justina Fushai, Ethan Fushai, Katherine Koenorsk (John’s baby). Sicela
sikhulekele abagulayo. Sineqembhu elinakekela abagulayo kanye nabadala noma ngabe basemakhaya
noma ezibhedlela. Uma ufisa ukwazi kabanzi ngaloluhlelo ungaxhumana no Mama uThabile Cele kulezizinombholo zocingo: 082 781 0886 noma 031 2617848 Nomake uqonde ngqo emahhovisi epherishi
uyozibika. Noma ushayele amahhovisi ethu kulolucingo 031 306 3595. Ukuze ogulayo noma umuntu
osemdala angene kuloluhlelo ungaletha (1) igama nesibongo sakhe (2) ikheli lapho ehlala khona (3)
inombholo yocingo (4) bese nawe uzisho ukuthi ungubani nokuthi wena utholakalaphi. Sinohlelo lokuthi
uma sekuphele izinyaka ezintathu sifake amagama amasha.
IZINOMBOLO EZIBALULEKILE
ORGANIZATION
CONTACT PERSON
Isaya 45: 1, 4-6
“UKyrus ngimbambe ngesandla ukuze anqobe izizwe.”
CONTACT
1. Centre Manager
Jean-Marie Ntamubano
031 301 2240
2. Nkosinathi Project
Ishmael Chishanu
078 199 5685
3. SVDP
Albert Hororo
079 611 9840
4. Refuge Pastoral Care
Hupenyu Makusha
031 307 1074
5. Baptism (0—5 Months)
Dc Mathew Ndlela
031 306 3595
6. Catechism
Maria Sissing
083 246 4444
7. Confirmation
Leonie Sissing
082 431 6256
8. RCIA
Iris Niemack
073 646 7629
9. JOBLINX
Mike Chauke
072 524 0553
Isihlabelelo sokuphendula
Hl.95
Bongani iNkosi ngodumo nangamandla.
1. Yihubeleni iNkosi ingoma entsha,
yihubeleni iNkosi, nina mazwe onke.
Shumayezani izizwe zonke ngobukhosi bayo,
nabantu bonke ngezimangaliso zayo. R
2. Ngoba iNkosi inkulu, ibongeka ngempela,
yesabeka kakhulu kunonkulunkulu bonke.
Ngoba bonke onkulunkulu bezizwe balize,
kepha iNkosi yadala izulu nokukulo. R
3. Bongani iNkosi, nina mindeni yabantu,
bongani iNkosi ngodumo nangamandla,
bongani iNkosi ngodumo lwegama layo,
ngenani emagcekeni ayo, niyethulele izethulo. R
4. Khulekani eNkosini nihlobé
ngemvunulo eyingcwele.
Thuthumelani phambi kwayo
nina nonke enisemhlabeni.
Memezani ezizweni nithi:
“NguNkulunkulu oyiNkosi!”
Uphethe izizwe ngokulingeneyo.
Bongani iNkosi ngodumo nangamandla.
Isifundo sesibili
“Sikhumbula ukukholwa kwenu, nokuthanda nokuthemba.’’
Alleluya, alleluya.
Manikhanye phakathi kwabantu njengezikhanyiso, nibambelele ezwini eliphilisayo.
Alleluya.
IVangeli
Mt. 22: 15-21
‘’Nikani uKhesare okukaKhesare noNkulunkulu okukaNkulunkulu.”
1 Thess. 1: 1-5b
OKWENZEKA ZONKE IZINSUKU
uMsombuluko 20 October:
R1 Eph 2, 1-10; Ps 99, 2. 3. 4. 5. Go Lk 12, 13-21.
06h30: Mass
07h00: Umkhuleko wasekuseni
10h00: IMisa
uLwesibili
21 October:
R1 Eph 2, 12-22; Ps 84, 9ab-10. 11-12. 13-14. Go Lk 12, 35-38.
06h30: Imisa
07h00: Umkhuleko wasekuseni 17h00: Charismatic Group
uLwesithathu 22 October:
R1 Eph 3, 2-12; Ps Is 12, 2-3. 4bcd. 5-6. Go Lk 12, 39-48.
06h30: Imisa
07h00:Umkhuleko wasekuseni
10h00: Imisa
7. IZITHOMBE ZABE RCIA: Ziyatholakala izithombe zabo bonke ababhadiswa nabe RCIA emva kwamaMisa
kusukela ngoMgqibelo mhlaka 13 Sept. 2014 zibiza R 7.00 ngasinye. Kuthintwa uNigel
0828633368/0736467629.
8. UMHLANGANO WABAMUKELISI: Uzoba mhlaka 08 Novemba 2014 ebhilidini iSurat kusukela ngo 14h00
- 16h00. Kuthintwa uMnuz. Victor Alexander kwethi 0832728265.
9. UMHLANGANO WAMABIZELO: Umhlangano uzokuba ngesonto lokuqala kuNovember 2014. Ungashayela uSr Marion ku 0761775151.
uLwesine
23 October:
R1 Eph 3, 14-21; Ps 32, 1-2. 4-5. 11-12. 18-19. Go Lk 12, 49-53.
06h30: IMisa 07h00: UMkhuleko wasekuseni
uLwesihlanu 24 October:
R1 Eph 4, 1-6; Ps 23, 1-2. 3-4ab. 5-6. Go Lk 12, 54-59.
06h30: IMisa 07h00: Umkhuleko wasekuseni
10h00: IMisa
IZIMEMEZELO
10. INDONDO YAMA NACMA (EYEBANDLA ELIZONQOBA): Ikwaya yepherishi yethu ikhethelwe
ukumela iBandla lamaKhatholika kwiSifundabhishobhi. Nicelwa ukuba nibavotele ngokuthumela umqhafazo othi "NACMA, ROMAN CATHOLIC" kwinombolo ethi: 33761, kubiza R1,50 umqhafazo ngamunye. Ukuvota kuvalwa mhlaka 31 Okthoba 2014.
OBUSUKU LOKUDUMISA
uMgqibelo
25 October:
R1 Eph 4, 7-16; Ps 121, 1-2. 3-4a. 4b-5. Go Lk 13, 1-9.
07h00: IMisa
11h00-12h00 & 16h30 - 17h00: Ukuvuma 17h30: IMisa
ISonto
26 October: ISONTO LESI 30 LENKATHI YONYAKA—A
07h45: IMisa (English) 10h00: IMisa (Multi-lingual) 12h00: IMisa (IsiZulu)
IZIMEMEZELO
1. UMNIKELO WESIBILI: Uqoqelwa ukusiza umsebenzi wokwenziwa. Niyacelwa ukuba ninikele ngesihe.
2. AMALUNGISELELO OMHLANGANO WONYAKA E-EMMANUEL KHATHEDRALI: Umhlangano
uzoba ngoMgqibelo mhlaka 15 Novemba 2014 isikhathi 09h00 - 13h00, ehholo laseSurat. Uhla lokudingekayo ukuba kulethwe ekupheleni kuka Septhemba; Okwenzakalayo eqenjini, uHlelo lonyaka, uMbiko
kanye nohla lwamalunga. Izimvalaphu eziqukethe lamafomu ziyatholakala etafuleni le PPC.
3. ISONDLO SEBANDLA: Kubona bonke abangakazitholi izincwadi zokubonga ngezethembiso zabo
zesondlo sika 2014/15, nicelwa ukuba nilande izincwadi zenu etafuleni lomkhandlu.
4. IEMMANUEL KHATHEDRALI IHLONGOZA UKUHAMBELA INDAWO ENGCWELE: Kuzoyiwa
eVatican City eRome, San Giovanni Rotondo nase Medjugorge kusukela mhlaka 03 kuya 15 Okthoba 2015.
Ukubekisa isikhala ungashayela uJuly eValley View Travel ku 0312664042 / 0731436992. Ungabheka
nasebhodini lezaziso ngolunye ulwazi.
5. UKUFAKELWA KWEZIDINGO ZOKUSEBENZELA ZE-DHC: Kuzoqala emasontweni amabili noma
amathathu ezayo kuze kube uNovemba, ukwenzela isikhathi esanele sokuthuthela khona, okuzokwenzeka
ekuqaleni kukaDisemba. Sibonga kakhulu kwabe Trust Shopfitters abathembise "ukusibekezelela
ngenkokhelo yabo". Lokhu sekusize ekuqhubekeni nomsebenzi.
6. UMBHABHADISO WABANTWANA: Amakilasi aseqalile ngezinsuku ezilandelayo; Awezulu ngesonto,
5 Okthoba 2014, ngo 08h00am, awesingisi ngolwesine 8 Okthoba ngo 18h00pm. Inkonzo yombhabhadiso
iyokwenziwa Ngo Mqgibelo, 8 November 2014.
11. ABAQONGELELA IMALI BEZEMIDLALO KWIKHATHEKIZIMA: Sibonga kakhulu kubobonke abase
seka ngoSuku Lwezemidlalo. Ababongayo ikomiti lezemidlalo.
12. IKOMITHI LOBULUNGISWA NOXOLO: Kucelwa ibandla ukuba lisile abasezinhlelweni zokulungiswa
izimilo ngenxa yewhoonga ukuba bafinyelele ekugcineni, bangaphansi kuHlelo iQalakabusha, ngokubanika
amathuba emisebenzi. Sibhekela abayi– 11 imisebenzi okuyibona abathembisayo, abazinikele nabazimisele.
Njengamanje sinxusela ikakhulukazi uSthembiso onolwazi lokubaza ofisa ukuqasheka ngokushesha. Ngolunye ulwazi nicelwa nibheke ebhodini lezaziso noma nixhumane noSonhlalakahle uMbali ku Ismael… Asibeseke abafowethu nodadewethu abazivuselelayo.
13. ISIVUNO/ SIBONGA UNKULUNKULU: Abahlwanyela ngezinyembezi, bayakuvuna ngokuthokoza.
Ohamba ekhala izinyembezi ephethe imbewu yokuhlwanyela, uyakubuya ngokuthokoza, ephethe izinyanda
zakhe. (AmaH.126:5-6) Usuku: 24/25 Okthoba 2014 kuwowonke amaMisa, azophathwa uBaba Sifiso Ndlovu.
UNGAPHUTHELWA!
14.AMAFOMU OKUBALWA: Wonke amalunga epherishi kumele agcwalise lefomu. Uma ungayigcwalisile
uyothathwa njengosewashiya epherishini. SIBALULEKILE LESISICELO. Amafomu ayatholakala etafuleni
lomkhandlu.
15. UHLELO LWENKOSINATHI: Sidinga ihlahla likaKhisimusi nokokulihlobisa emcimbini kaKhisimusi
wethu. Ungathinta uIshmael ku 0781995685.
16. UHAMBO LWASENGOME LWE CMO: Sekuyisikhathi sokuphindela eNgome siyinhlangano yamadoda .
Kuhanjwa mhlaka 21 - 23 Novemba 2014. Ungathinta uMnuz. Augustine Ndidi kwethi 0824308831.
17. IMVUSELELO YABESAKHIWO NG0 2015: Iqembu lesakhiwo lihlele imvuselelo yangomhlaka 15-18 Januwari 2015 ezoba se-Ukuphila Retreat Centre eBluff ebiza R650 umuntu. Idiphozi ifunakala ekupheleni kuka
Novemba. Ungathinta uNkk. Helen 0724246070.
18. SOUTHERN CROSS: ISSUES OF OCTOBER 15 TO 21, 2014
1. Special focus on Mission Sunday
2. SA woman ‘priest’ excommunicated
3. Journalist recalls St John Paul II’s SA adventure
4. Boko Haram’s war on churches
5. Mphuthumi Ntabeni on prosperity cults
THIS WEEK’S EDITORIAL: MISSION SUNDAY’S BISHOP